IBooks for Bright Futures iwuhlelo lwe Book Dash lokuthuthukisa umbono wabo wokuthi “Wonke umntwana kufanele abe nezincwadi eziyikhulu lapho eneminyaka emihlanu ubudala”. IBook Dash ihlinzeka ngezincwadi zezingane ezinhle nezibalulekile ngezilimi zasekhaya zaseNingizimu Afrika ongazikhetha, uziphrinte, futhi uzinikeze izingane ezincane emphakathini wakini, ukuze zibe ngabanikazi.
Ngokusebenzisana, iphrojekthi ihlanganisa:
- Izincwadi ezikhona ezinhle nezifanelekile ze Book Dash ngefomethi ye elekthronikhi, zilungele ukuphrintwa
- Wena, umshintshi womphakathi omuhle nonothando
- Isiqondiso, ukwesekwa, kanye nokuxhaswa ngezimali ukuze ukwazi ukuphrinta futhi usabalalise phakathi kwezincwadi zezithombe eziyi-1,000 nezi-2,000 ezinganeni emphakathini wakho ukuze zibe ngabanikazi
Ingabe uyilungu elishisekayo lomphakathi wakho, onentshisekelo yokusabalalisa umlingo wobunikazi bezincwadi kanye nazo zonke izinzuzo zako? Ingabe unamakhono ayisisekelo okuphatha iphrojekthi futhi ingabe ungumxhumanisi omuhle? Ungakwazi yini ukugcina umkhondo wenqubekelaphambili yakho futhi usinikeze impendulo kulo lonke? Bese ufaka isicelo sokutholela izingane ezisemphakathini wakho izincwadi ze Book Dash!
Ucwaningo lubonisa ukuthi ukunikeza izingane izincwadi zolimi lwasekhaya ezihehayo, ezifanele nezasekhaya kuyindlela efakazelwe yokuqinisekisa ukuthi zenza kangcono esikoleni, zinempilo enhle futhi zijabule kakhudlwana, futhi zikwazi ukufinyelela kangcono amathuba emali engenayo esikhathini esizayo. ENingizimu Afrika, cishe ziyizigidi ezi 3 izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ezingenazo izincwadi emakhaya azo - futhi ezinye zazo zisendaweni yangakini. Ngokusebenzisana ne Book Dash kanye ne ChangeX ukuze uthole izincwadi zezingane nemindeni ukuba zibe ngabanikazi, ungasiza izingane ezincane emphakathini wakini ukuba zithande izincwadi, futhi uzinikeze ikusasa eliqhakazile.